Kubhikishe izakhamuzi eThekwini

2012-12-07 12:02
Yabelani Shicilela

Durban - Amakhulu ezakhamuzi zaseThekwini eClaire Estate naseReservoir Hills, kulindeleke ukuba zingenele umbhikisho, emgwaqeni uPalmiet Road, ngoLwesihlanu ekuseni.

Inhlangano yabahlali basemjondolo, ithi bazobamba imashi enokuthula ngenhloso yokuzwakalisa ukukhathazeka kwabo ngokungalethwa kwezidingo, kubika iNewswatch.

Okhulumela Abahlali Basemjondolo uSbu Zikode uthi abahlali bazolibhekisa ehhovisi likaThemba Mtshali, noyikhansela lakuwadi 23, okuyilapho abazomnika khona incwadi yezikhalazo.

Uthi abahlali badiniwe ngokungalethwa kwezidingo endaweni, izidingo ezifana namanzi nokuthuthwa kwendle.

Amaphoyisa asiqaphile isimo.

Ababhikishi ku-Palmiet Road bashise amathayi bajikijela amatshe emgwaqeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kumenele odubule wabulala intombi

Emizuzwini eyi-22 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...