Kubhikishe imbokodo kuvela uPistorius
2013-02-19 12:02
Johannesburg - Iqulu labesifazane libambe umbhikisho ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yasePitoli, la bekuvela khona umsubathi u-Oscar Pistorius, obhekene necala lokudubula abulale intombi yakhe.
Abesifazane ebebephethe izingqwembe bacule amaculo omzabalazo, bagxoba itoyitoyi emgwaqeni iFrancis Baard, eduze kwenkantolo, iqulu leli belihlanganisa nabesifazane bophiko i-ANC Women's League.
Ezinye izingqwembe bezithi: "UPistorius kumele abolele ejele" amanye athi "Aluphele udlame olubhekiswe kwabesifazane, Akuphele ukubulawa kwabesifazane nezingane".
"Akumele anikwe ibheyili uPistorius," kumemeza omunye wabesifazane obeyingxenye yababhikishi.
Amaphoyisa acele ababhikishi ukuthi babhikishe buqamama nenkantolo, njengoba bebevimbe indawo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA