Kubhikishe imbokodo eKapa

2013-02-21 16:24

Cape Town - Ilinganiselwa ku-100 imbokodo engene emgwaqeni yaseKapa yabhikisha iphikisana nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane.

Imashi ibihlelwe ngabesifazane be-African National Congress Women's League (ANCWL), isuke kuKeizergracht Street yaye yayophela kuWale Street.

Izinhlangano ezibe yingxenye yemashi zihlanganisa nePositive Men's Movement of SA, iNational Association of People With Aids, kanye neSA National Institute for Crime Prevention and the Reintegration of Offenders.

Kugqame abesifazane ebebegqoke izikipha ezinemibala ekuhlaza nephuzi, laba bebephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi: “Akuyekwe ukubulawa kwezingane, ezinye zithi: “Akuyekwe ukuhlukumeza nokudlwengula”.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo emazingeni aPhansi u-Angie Motshekga, ukhulume nababhikishi ehambisana noNgqongqoshe woMnyango weziNgane, abesiFazane kanye nabaKhubazekile uLulu Xingwana.

Ababhikishi bebekhumbula abesifazane abayisihlanu, abahlanganisa nengane, ababulawe emasontweni adlule, eKapa.

Abashona ngo-Anene Booysen, 17, Ge-Audrey Bianca Green, 19, Jo-Anne Diane van Schalkwyk, Melandri Bukkies, 20, kanye nengane eneminyaka emihlanu ubudala uLilitha Mgwebi .



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...