Kubhikishe abasebenzi eSt Aidan's

2012-11-22 15:01

Durban - Kuphazamiseke ukusebenza esibhedlela esiseThekwini iSt Aidan's Hospital, ngesikhathi kubhikisha abasebenzi ngaphandle kwesibhedlela ngoLwesine.
 
Abezindaba zeNewswatch bathe amanesi, abahambisa usizo lokuqala kanye nabanye abasebenzi bangaphakathi esibhedlela babambe umbhikisho bekhalazela izinto eziningi ezithinta nohlelo lwangaphakathi lokuqondiswa kwezigwegwe.

Kulindeleke ukuthi izinyunyana zihlangane nabaphathi besibhedlela kanye nezikhulu zoMnyango wezeMpilo ngokuhamba kosuku.

UMichelle Connolly osenhlanganweni iHospersa, uthe kuyakhathaza ukuphazamiseka komsebenzi kulesi sibhedlela.

Uthe kuneziguli ekuphoqelekayo ukuthi zithole ukwelashwa.

Abasebenzi basabise ngokuvala thaqa isibhedlela uma zingalalelwa izikhalazo zazo.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Abafana beWoonga bebe imali yesoso

Emizuzwini eyi-51 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...