Kubhikishe abakuleli eCuba
2013-02-22 08:33
Johannesburg - UNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi usebhalele izitshudeni zakuleli ezenza izifundo zobudokotela eCuba incwadi, echaza ngokuthi uhulumeni umi kuphi ngesiteleka ezisingenele.
NgoFebhuwari 7, izitshudeni ezingu-187 kwezingu-1 200 zakuleli ezifundela ukuba ngodokotela eCuba zangena esitelekeni, kusho okhulumela uMnyango uJoe
Maila esitatimendeni.
Izikhalazo zabo zibandakanya ukuthi bafuna ukunyuselwa ngo-300% imali abanikezwa yona ukuba babhekane nezidingo ezincanyana, kuthunyelwe isikhulu kulo mkhakha eCuba, nokuthi abasafuni ukudla ukudla okunenyama yengulube.
“Ekubhekaneni nalolu daba uMnyango usola ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona nenkinga yokushayisana kwemibono yamasiko, ukwamukeleka nokushintsha indawo, nokwenza kube nzima ukuthi abafundi babhekane nezifundo zabo," esho.
UMnyango ube usuthumela ithimba eCuba ukuyobhekana nale nkinga.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA