Kubhikishe abahlali eReservoir Hills

2012-10-26 14:01

Durban - Amaphoyisa kaMasipala waseThekwini, athi asiqaphile isimo njengoba kubhikisha abahlali basemikhukhwini yaseQuarry Road, eReservoir Hills, kubika iNewswatch.

NgoLwesine kuphoqeleke ukuthi kuvalwe eminye imigwaqo njengoba bekuqhubeka umbhikisho wabahlali ekade besho ukuqeda abasebenzi bakamasipala ekade bejutshwe kule ndawo.

Ababhikishi bajikijele amatshe emgwaqeni kwaze kwadingeka ukuthi kubizwe amaphoyisa azobehlisa imimoya.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala u-Eugene Msomi uthe isimo sizothile, uthe abahlali bathukutheliswe imizamo kamasipala yokuvala ogesi abakokotiwe.

"Sicele amaphoyisa ukuthi ayogada abasebenzi ekade bevala ugesi okokotiwe, umphakathi uvuke umbhejazana. Abasebenzi bakamasipala bagcine bewuvalile ugesi okokotiwe emizini eminingi, akekho umuntu oboshiwe.”
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...