Kubhikishe abafundi eThekwini

2013-01-03 13:01

Durban - Abafundi abalinganiselwa ku-30 babambe umbhikisho ngaphandle kwamahhovisi oMnyango wezeMfundo eThekwini, bekhala ngenqubo yikushicilelwa kwamagama abafundi bakamatikuletsheni emaphephandabeni.

Iqeqebana leli, liyingxenye yabafundi ababhale ukuhlolwa kwabo ngo-2012, laba bebephethe izingwembe ezithi: “Akushicilelwe umholo ka-Angie. “Akakhishwe esikhundleni u-Angie.” Abanye bethi: “ Ayivalwe indaba yokushicilelwa kwamagama abafundi emaphephandabeni,”

Iziqubulo ebezibhalwe ezingqwembeni bezibhekiswe kuNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo u-Angie Motshekga.

Umbhikisho ubuhlelwe yinhlangano yabafundi iCongress of SA Students, usihlalo wenhlangano uGoodman Machi uthi bakholwa wukuthi ukushicilelwa kwamagama abafundi kubukela phansi ilungelo labo.

"Akekho umuntu othanda kwazeke imiphumela yakhe ngaphandle kwemvume.”

UMachi uthi uMnyango akaze ukhulumisane nabafundi ngodaba lokushicilelwa kwamagama abo.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered clouds. Mild. Pta: 17-25°C a few tstorms. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-18°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-21°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-24°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C Showers early. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...