Kubhikishe abafundi eMpumalanga

2012-08-15 16:29

Johannesburg - Abafundi ababalelwa ku-300 babhikishe ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa eMzinoni eMpumalanga befuna kudedelwe ozakwabo ababoshiwe ngoLwesibili.

UWarrant Officer Mashilo Mapurunyane uthe kuboshwe abafundi abangu-30 embikishweni wangoLwesibili obuqhubeka endaweni, ophenduke waba nodlame.

"Izingane bezizama ukungena ngaphakathi esiteshini samaphoyisa kodwa zehluleka, isimo sithule njengamanje,” kusho uMapurunyane.

Kuthiwa abafundi ababoshiwe bashise umuzi wabazali beMeya kaMasipala iGovan Mbeki uLindi Masina.

Baphinde basabaisa ngokushisa izitolo zabadayisi abadabuka ePakistani.

Abafundi laba bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eBethal, ngoLwesine.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 17-30°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 20-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...