Kubhikishe abafundi e-EC

2012-06-19 12:03

Johannesburg - Abafundi abaningi basezikoleni ezakhele uMasipala iSakhisizwe, e-Eastern Cape babambe umbhikisho bancenga uhulumeni ukuthi ubahlelele izimoto zokubathutha uma beya ezikoleni, kubika iDaily Sun.

Abafundi abakhathazekile baphelezelwe ngabazali bahambela uMnyango wezeMfundo beyonxusa ukuthi uhulumeni ubazwele ubanike izimoto njengoba lulude ukhalo abaluhambayo.

Kuthiwa abafundi abasuka ka-Grade R nabadala bahamba ibanga elilinganiselwa ku-10km uma beya ezikoleni.

Usihlalo wemashi uLungisile Arosi uthi abafundi babeka engcupheni izimpilo zabo ngoba belwela imfundo, baqwala intaba amahora amahlanu kuze bezofika esikoleni.

“kuyafeyilwa futhi abanye bayeka isikole ngenxa yobude bendlela," kusho u-Arosi.

UMnyango unikezwe izinsuku ezingu-14 ukuthi ubuyisele impendulo kubafundi.

 

 - Ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho nakuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Afternoon clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...