Kubhikisha izakhamuzi eLenasia

2012-11-09 07:59

Johannesburg - Izakhamuzi zaseLenasia South zigcwale izitaladi ziphikisana nesinqumo sikahulumeni wezindawo wokudiliza izindlu zazo, kusho umbiko wamaphoyisa aseGauteng ngoLwesihlanu.

Ababhikishi base-Extension 13 ngoLwesine ebusuku bavale umgwaqo ngamathayi avuthayo nangamatshe, kusho uWarrant Officer Kay Makhubela.

Lo mbhikisho uze wakapakela nasekuseni ngoLwesihlanu.

Uthe akukaboshwa futhi akukalimali muntu.

Lo mbhikisho uza ngemuva kokucekelwa phansi kwezindlu ezingu-37, kwezingu-113, njengoba uMnyango wezeziNdlu eGauteng uthi zakhiwa ngokungemthetho ngemuva kokudayiswa kweziza ngomkhonyovu.

Kuthiwa kuzoqhubeka ngoLwesihlanu ukucekelwa phansi kwalezi ezinye izindlu ezisele.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...