Kubhekisiswa ukusebenza kwamaphoyisa

2013-01-18 16:11

Johannesburg - Kucutshungulwa kabanzi ngokusebenza kophiko iSA Police Service, kuze luzokwazi ukusebenza ngendlela egculisayo, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa.

"Sinamaphuzu akhona esisebenzela phezu kwawo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu bathola usizo olubafanele emaphoyiseni,” esho etshela abezindaba eBoksburg.

UMthethwa uthe kuzobhekwa ukuziphatha kwamaphoyisa kuphinde kuqinisekiswe ukuqeqeshwa kwawo.

"Kumele sihlale siqinisa ukuqeqeshwa kwamaphoyisa, lokho yinto ekumele ihlale iqhubeka.”

Ukuqeqeshwa kwawo kuzohlanganisa izinhlelo ezintsha, kuzona zonke izinhlaka eziphansi kuya phezulu.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...