Kubheduke eminye imibiko eLimpopo
2012-07-13 08:20
Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eLimpopo uchithe imali engu-R25m ngonyaka ngokusebenzisa ifoni, kanti isimo sezimali "siyasabisa", kusho umbiko wakamuva.
Kuthiwa lo Mnyango waphinde waphambana nomthetho ngesikhathi ucozula ithenda yezigidi walenza laba ngamaningi ka-R500 000 amancane ngoba ubalekela ukulandela imigudu efanele yokukhishwa kwamathenda, ngokombiko okhishwe yilowo owabe eyisikhulu kulo Mnyango, u-Anis Korodia.
Iphephandaba iThe Star libike ukuthi kuningi okungahamba kahle kulo Mnyango.
Kuvele ukuthi iningi lezimenenja azinawo amava afanele ukubamba izikhundla kodwa zangena ngenxa "yokwazi abathile kwezombusazwe".
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA