Kubhadanywe izidakamizwa eKapa
2013-01-11 14:28
Cape Town - Ukuncinzwa indlebe kwamaphoyisa kuholele ekushaqweni kwezidakamizwa kanye nemali okungafinyelela ku-R1 million sekuhlangene.
Kuboshwe abantu ababili ekusolakala ukuthi bangabashushumbisi eCape Flats, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
UWarrant Officer November Filander uthi amaphoyisa athole amaphilisi aphuzi angu-301 equkethe icocaine, i-tik, kanye nemali. Lokhu kubanjwe emzini oseLitha Park, eLingelethu West.
"Amalungu ethu abophe owesilisa oneminyaka engu-33 ubudala waseNigeria kanye nowaseNingizimu Afrika oneminyaka engu-30 ubudala."
Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseKhayelitsha ngoMsombuluko, mayelana namacala ahlobene nezidakamizwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).