Kubhadanywe indawo yokudayisa ngomzimba eThekwini
2012-12-27 14:32
Durban - Kuzophenywa injinga engumnikazi wendawo yomacaphunakusale enabesifazane abadayisa ngemizimba nendawo yokuwotawotwa umzimba eThekwini ngabakwaSA Revenue Service nabophiko olushaqa izimpahla, kubika iDaily News.
Abezobunhloli kanye nabasebenza ngobugebengu obuhleliwe eThekwini bagasele kule ndawo eseMorningside
ngempelasonto.
Lokhu kulandele ukuthi belunywe indlebe ngothile oshayele iCrime
Stop wathi le ndawo iyamaniswa namayengandoda kanjalo nomkhonyovu wokushushumbiswa kwezingane eziqhamuka emazweni omhlaba.
Kusolakala ukuthi amantombazane aneminyaka engaphansi kuka-16 ubudala agcinwe kuleya ndawo ngenkani, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Vincent Mdunge.
Lezi zingane, ezibe sezijicelwa ukuba ngamayengandoda, kuthiwa zidayiselwa eminye imikhonyovu yalolu hlobo.
“Lo wesifazane wenza imali eshisiwe ngokwemibiko esebhukwini esilitholile. Abantu bakhokha u-R500 ngehora ukulala namantombazane kule ndawo."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24