Kube yimpumelelo ukufakelwa kwesikhumba sengane
2013-04-26 08:31
Johannesburg - Odokotela bathi kube yimpumelelo ukuhlinzwa kwentombazanyana
ebifakelwa isikhumba esisha, uCeliwe Maseko, 5, ohlinzwe ngoLwesine ebusuku.
Odokotela bathi izinsuku eziyisikhombisa ezizayo zizobe zibucayi kakhulu.
UCeliwe washa ingxenye enkulu yomzimba wakhe ngesikhathi kokheleka ingubo
ayeyigqokile ngonyaka odlule.
Usehlinzwe izikhathi ezingu-16, kusukela alimala.
Isikhumba sengane sathuthelwa eMelika, kuze siyonwetshwa senziwe kabusha, sitheleke esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo International Airport, ngezithuba zawo-17:15, kwathi ngemuva kwemizuzu engu-23, sabe sithelekile esibhedlela.
Kungokwesibili odokotea bakuleli befakela umuntu isikhumba esisha esenziwe kabusha, phambilini kwabuyiselwa isikhumba sengane uPippie
Kruger, naye owabe eshe kambi.
Isikhwama esavulwa kuze kuzosizakala uKruger, sinikele ngo-R200 000, kuze kuzosizakala uCeliwe, kusho abezindaba ze-eNCA.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA