Kube nesiphithiphithi enkantolo eBredasdorp

2013-02-26 12:02

Cape Town - Kube nokudideka eNkantolo yeMantshi yaseBredasdorp ngesikhathi abasolwa ecaleni lokubulawa kuka-Anene Booysen, bekhishwa enkantolo bekhishelwa kwelinye igumbi.

Kube nesiphithiphithi sabezindaba nomphakathi, ngesikhathi betshelwa ukuthi iyashintsha inkantolo, kwaba nokuphushana kwabantu bezama ukuphuma bephuthuma ukuyongena enkantolo ebekuthiwa sekuzoqulwa kuyo icala.

Ngokuhamba kwesikhathi batshelwe ukuthi abasolwa uJonathan Davids, 22, noJohannes Kana, 21, bazoqula icala enkantolo ebevele inqunywe kusukela ekuqaleni.

Kwenzweka konke lokhu nje, ngaphandle kwenkantolo kuqhubeka umbhikisho wabalwela amalungelo abesifazane.

UBooysen, 17, wadlwengulwa walinyazwa kambi yiqulu labesilisa ngesikhathi ephuma endaweni yokuzijabulisa ngoLwesihlanu lomhlaka-1 Febhuwari.

Watholwa ngunogadaba, endaweni ekuqhubeka kuyo umsebezni wenkontileka, wagcina ngokushonela esibhedlela.

Kulindeleke ukuthi abasolwa bafake isicelo sebheyili ngoLwesibili.





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-26°C Morning clouds. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...