Kubanjwe osolwa kwelokufa kwephoyisa

2013-01-09 15:03

 Johannesburg - Amaphoyisa abophe indoda yesibili ekuthiwa iyathinteka esehlakalweni sokubulawa kwephoyisa elibulawe eKopanong, ngaseBloemfontein, kusho amaphoyisa aseFree State.

Ngokusho kukaCaptain Harry Nagel, umsolwa wesibili uboshwe ekuDewetsdorp Road.

Kuthiwa ubeyingxenye yamadoda amane adubule abulala uSergeant Molahlehi Ephraim Mokhasi, 41, obulawe esehlakalweni sokubamba inkunzi esuphamakethe, ngoLwesibili.

Abaphangi abane babambe inkunzi isuphamakethe ngezithuba zawo-14:00. Kutheleke amaphoyisa ngesikhathi abaphangi bezama ukubaleka, kwaba nokudubulana phakathi kwabo namaphoyisa, kwadubuleka iphoyisa elishonele endaweni yesehlakalo.

Abaphangi bakwaze ukubaleka nemali, i-laptop kanye nesibhamu sephoyisa.

Abasolwa abaneminyaka yobudala ephakathi kuka-19 no-28, kulindeleke ukuthi bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein, ngoLwesine.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...