Kubanjwe izigelekeqe kuvalwe umgwaqo eSoweto

2012-05-01 11:26
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Amaphoyisa abophe ababili abasolwa ngokuphanga ngesikhathi evimbe umgwaqo eSoweto, athola amabhokisi emali enkampani yonogada emotweni kanye nezibhamu ezingekho emthethweni, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela uthe le moto imiswe eBram Fischer ngesikhathi benza umsebenzi wokuhlola izimoto.

"Emotweni bekunabesilisa abahlanu okuthe uma bebona amaphoyisa, abathathu kubona babaleka," esho.

Ababili babanjiwe baboshwa.

Ngesikhathi amaphoyisa esehlola imoto athole amabhokisi abhalwe uG4 athintana le nkampani yonogada.

"Sicabanga ukuthi la madoda abesendleleni ebheke emakhaya ephuma kophanga," kusho uMakhubela.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-19°C Showers late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...