Kubanjwe inkunzi imoto ethwele imali eGoli

2014-10-01 11:04

Johannesburg – Kubanjwe inkunzi imoto ebithwele imali ngaphandle kwesiteshi sesitimela iGautrain eRosebank eGoli.

Ngokombiko we-TimesLive abasolwa abangu-8 abebehamba ngezimoto ezimbili zohlobo lweBMW zilandele eyohlobo lweNissan engabhaliwe ebilayishe isamba semali esingadalulwanga ebuphuma ebhange eRosebank.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe imoto yemali eKapa

Kubikwa ukuthi laba basolwa badubule le Nissan kathathu  kodwa umshayeli wayo nalowo abehamba naye abazange balimale ngenxa yokuthi amawindi ayo abevikelekile ezinhlamvini.

Umbiko uqhuba uthi ngemuva kokuthi imoto idutshulwe kathathu obehleli eceli uphume wacela empunzini ngezinyawo emgwaqweni u-Oxford Road kanti kubikwa ukuthi abasolwa bathathe isamba semali esingadaluldwanga nesibhamu somshayeli bashaya bachitha.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa afikile endaweni yesigameko kanti aseqalile ukuthungatha abasolwa.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 5-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...