Kubanjwe imoto yemali eKapa
2012-04-06 08:23
Cape Town - Kwebiwe isamba semali engadalulwanga nesibhamu ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto yemali enxanxatheleni yezitolo i-N1 City eGoodwood, eKapa.
Onogada ababili bese behamba kule nxanxathela ngesikhathi bezithela emadodeni amane, kusho uCaptain Frederick van Wyk.
La basowa abebehlome ngezibhamu, babe sebebamba labo nogada babaphuca ibhokisi lemali nesibhamu.
Akubanga khona kudubulana kanti futhi akulimalanga muntu, kusho uVan Wyk.
Abasolwa babaleke ngeveni emhlophe yohlobo lweNissan 1400.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA