Kubanjwe amalungu e-ANC 'ayizipoki' e-E Cape
2012-11-16 10:02
Johannesburg - I-African National Congress e-Eastern Cape isivundulule amalungu "ayizipoki" emabhukwini eqembu esifundazweni, kusho umbiko wephephandaba iBusiness Day, ngoLwesihlanu.
UNobhala weqembu esifundazweni u-Oscar Mabuyane utshele iphephandaba wathi bathole ukuthi kusetshenzizwe izinkampani ezingaphandle kweqembu, ukuzama ukuthola imininingwano ngabantu abathize, base bebhaliswa njengamalungu.
UMabuyane uthe abanye balaba abazi nokuthi sebenziwe amalungu e-ANC, kuthiwa ababhalise laba balandele yonke imigudu baze bakhokha nemali yokujoyina iqembu engu-R12.
Lo mkhuba uvundululwe ngesikhathi kubhekwa kabusha ubulungu babantu, ngaphambi komhlangano obuhlelelwe ukudingida ngomhlangano waseMangaung, ozobanjwa ngoDisemba.
Kuyaphenywa ngalolu daba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA