Kubanjwe abaqhumisa ama-ATM eKZN
2013-01-14 10:03
Johannesburg - Amadoda ayishumi aseboshiwe mayelana nezinsolo zokubandakanyeka ezehlakalweni zokuqhunyiswa kwemishini ekhipha imali eMtubatuba, KwaZulu-Natal.
Uphiko loKlebe lukhiphe lo mbiko ngoMsombukulo.
Uphiko loKlebe belulandela umkhomdo ngabasolwa abaseminyakeni yobudala ephakathi kuka-20 no-40, laba basolwa ngokuba yingxenye yesigejana esiqhumisa ama-ATM KwaZulu-Natal, eGauteng naseMpumalanga, kusho okhulumela oKlebe uPaul Ramaloko.
Umshini wokugcina uqhunyiswe eHowick, abasolwa babanjwe behamba ngetekisi enezinombolo zaseGauteng.
"Laba bahlala emahostela eSoweto, empeleni bona badabuka KwaZulu-Natal," kusho uRamaloko.
Ngemuva kokuthi abasolwa bephekwe ngemibuzo, baholele amaphoyisa endlini eseManguzi, eKosi Bay, ngasemngceleni ophakathi kwaleli neMozambique.
OKlebe babhadame i-AK47, iziqhumane eziyisishiyagalolunye kanye nemoto eyabikwa ukuthi yebiwe eBooysens, eGauteng.
URamaloko uyichithile imibiko ethi lesi sigejana, ngesamadoda angabelungu, njengoba kubike abezindaba ngeSonto.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA