Kubanjwe abagaya ama-payslip omkokotelo
2013-01-22 12:12
Johannesburg - Amaphoyisa ase-Eastern Cape agasele ebhizinisini laseMthatha elenza ama-payslip kahulumeni, omazisi kanye nezitifiketi zika-matric zomgunyathi, kusho okhulumela amaphoyisa ngoLwesibili.
UColonel Mzukisi Fatyela uthe abesitolo sefenisha uBears baye emaphoyiseni ngemuva kokuba owesifazane,39, ezame ukuvula iakhawunti kulesi sitolo.
Uphenyo luveze ukuthi lona wesifazane akasebenzi, kodwa usebenzise i-payslip kahulumeni kanye nomazisi ongumgonyathi.
Lona wesifazane ube eseboshwa ngoMsombuluko wahambisa amaphoyisa lapho kwenziwa khona lezi zinto eMthatha.
"Kutholakle inqwaba yama-payslip aseminyangweni ehlukeni kahulumeni -- kwekazwelonke neyesifundazwe," kusho uFatyela, walile kodwa ukusho okuyisona sibalo esiqondile sawo esitholakele.
"Nezitifiketi zikaMalusi -- nazo beziningi. Zonke bezinamamaki aphezulu kuphela, o-A no-B, awekho angaphansi kwalokho."
Kuphinde kwaboshwa omunye wesifazane emagcekeni akule ndawo, kodwa umnikazi wayo ubengekho yena ngesikhathi kugasela amaphoyisa.
"Silindele ukuba kuboshwe abanye futhi," kusho uFatyela.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA