Kubanjwe 2 ngokuqhumisa i-ATM
2012-07-12 10:03
Cape Town - Kuboshwe amadoda amabili asolwa ngokuqhumisa umshini wokukhipha imali, i-ATM, ngesikhathi bebanjwa eMfuleni, eKapa, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
ULieutenant Colonel Andrè Traut uthe amaphoyisa abecuthe ngaku-ATM ekuMain Road, eWesbank, ngabo-04:30 ase ebona abantu abane beqhamuka.
Kube sekuba nempi yezulu lezandla kwathi abantu ababili, abaneminyaka engu-27 no-36 ubudala, baboshwa.
Abanye ababili bakwazile ukubaleka.
Kutholakale iziqhumane nesibhamu endaweni yesigameko.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA