Kubanje iqili ebelithi liyinsizwa nsi
2013-02-12 16:25
Elizabeth Langa, Daily Sun
Johannesburg - Kuhlale obala ukuthi akukho qili lazikhotha emhlane kuBheki Ndlovu, 29, obelokhu ekhohlisa abazalwane nengoduso yakhe ethi uyinsizwa egcwele futhi uzoze aye ocansini esenonkosikazi.
UNdlovu wasendawani yaKaMhlushwa ngaseMalelane, eMpumalanga, ubephakanyiswa esontweni akhonza kulo i-Assembiles of God, nengoduso yakhe uXolile Nkosi, 23, ngesikhathi kuvela ukuthi akasesiyo insizwa egcwele.
Kuphele amahlathi namanga ngesikhathi owesifazane onguTrinity Moyane, 25, ephumela obala eveza ukuthi wake wathandana noNdlovu bezitika ngocansi futhi banendodakazi eneminyaka eyisishiyagalombili ubudala.
“Ngiye ocansini noBheki ngesonto eledlule. Wangithembisa umshado ngo-2005, namanje ngisalinde ukuthi kunqunywe usuku lomshado," kusho uMoyane etshela iphephandaba iDaily Sun.
“UBheki utshele umfundisi nabazalwane ukuthi uyinsizwa egcwele, wathi akaze athandane namuntu wesifazane. Angikholwanga ngimuzwa ekhuluma, uBheki wathandana noTrinity kudala, engakasebenzi nokusebenza," kusho udadewabo kaTrinity uSbongile Moyane.
Umama wengane kaBheki ushaya phansi ngonyawo, uthi angeke kube khona mshado esaphila.
“Udlale ngami, kuzomele akhokhe, ngangimnakekela yena nengane yethu," kubhoka uTrinity.
UBheki ugcine evumile ukuthi uqambe amanga, wathi nokho akazisoli ngokushiya umama wengane yakhe.
"Uma ephazamisa kumshado wami ngizombizela amaphoyisa," kuqinisekisa uBheki.
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun
kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun