Konke sekumi ngomumo ngo-matric - Motshekga

2012-10-18 12:02

Pretoria - Zonke izifundazwe sezikulungele ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka kukamatikuletsheni, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga ngoLwesine.

"Sinethemba lokuthi ukuhlolwa kuka-2012 kuzoqhubeka ngaphandle kwezihibe njengoba kwenzekile kula masonto edlule. Akukho okutheni okubi esingakubalula," etshela izintatheli ePitoli.

Zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye zithumele imibiko zicacisa ngokuthi zikulungele lokhu kuhlolwa.

Izivivinyo lezi ziqala ngoMsombuluko.

Bangu-527 335 abafundi abafunda ngokugcwele nabangu-120 352 abangafundi ngokugcwele abazobhala lokhu kuhlolwa.

Angu-264 amaphepha ezivivinyo asehlolwe aphasiswa yinhalngano obhekelele ezemfundo, uMalusi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 2-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. PE: 9-19°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...