Konke kusemgqeni ngezincwadi eLimpopo

2012-06-27 14:31
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ukusatshalaliswa kwezincwadi zokufunda ezikoleni zaseLimpopo kuhamba ngendlela, kusho uMnyango wezeMfundo kulesiya sifundazwe ngoLwesithathu.

"NgoLwesibili kuhanjiswe izincwadi zika-grade 1 kuya ku-grade 3 kwathi namhlanje kwanakwa ezika-grade 10," kusho uMqondisi Jikelele kulo Mnyango uBobby Soobrayan.

NgoMeyi, iNkantolo eNkulu yasePitoli yakhipha isinqumo sokuthi ukuhluleka koMnyango ukuhambisa lezi zincwadi kuphambana noMthethosisekelo.

Lolu daba lwahanjiswa enkantolo yinhlangano elwela amalungelo abantu iSection 27.

IJaji Jody Kollapen wayalela uMnyango ukuba uqhamuke nezindlela zokubuyisa isikhathi esilahlekile kuqinisekiswe nokuthi izikole zithola izincwadi ngaphambi kukaJuni 15.

UMnyango wahluleka ukuhlangabezana nalo mnqamulajuqu njengoba kwagcina sekuvunyelwene ngoJuni 27.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Partly sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...