Konakele ku-ANC eW Cape

2012-12-10 10:04
Yabelani Shicilela

Cape Town - Bahlukene phakathi abaholi be-African National Congress eWestern Cape, mayelana nobuholi beqembu kuzwelonke, nesikhathi ekumele basihlale beqokiwe.

Iphephandaba iCape Times libike lathi uNobhala weqembu esifundazweni uSongezo Mjongile akahambisani nalokho okushiwo nguSihlalo uMarius Fransman, ophakamise ukuthi ubuholi buqokwe njalo ngemuva kweminyaka eyishumi.

UFransman kuthiwe ufuna ukwenza lesi siphakamiso enkomfeni yeqembu ezobanjwa eMangaung, kuleli sonto, uthi uma ubuholi bunikwa isikhathi eside, lokho kuyosiza uzinzo eqenjini.

UMjongile yena uthi isifundazwe asihambisani nalesi siphakamiso.

"Akusiso isiphakamiso sesifundazwe, lokhu kuwumqondo wokwakha abaphathi abangondlovukayiphikiswa," esho.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Sunny. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...