Izophothulwa enkomfeni eyamagama abe-ANC

2012-12-13 14:02

Johannesburg - Ukuphakanyiswa kwamagama abaholi abazongenela ukhetho engqungqutheleni ye-ANC ezoba seMangaung, kuzophothulwa kuyona le nkomfa, kusho ikhomishana yokhetho kuleli qembu ngoLwesine.

"Sizomemezela kuphela labo abavumile ukuqokwa uma sesixhumanile nabo, bazwakalisa ukuthi bayavuma noma bayanqaba na," kusho ilungu lale khomishana uTshilidzi Ratshitanga.

Uthe uhlelo lokuphothulwa kokuphakanyiswa kwamagama, okubalwa nokuthola izimpendulo kwabaqokiwe, belungakafiki emaphethelweni.

"Sizonika labo abaphakanyisiwe ithuba elanele lokuthatha izinqumo. Ngeke sikwazi ukuxhamazela ngenxa yokuthi kuwuhlelo olubalulekile eqenjini," esho.

Uthe uma uhlu lwamagama seluhlanganisiwe, luzobe selukhishwa emagatsheni e-ANC kuqala ngaphambi kokukhishelwa abezindaba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Izaguga zithi u-R90 awuwenzi umehluko

Emizuzwini eyi-17 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C High level clouds. Mild. Pta: 15-19°C Lots of rain. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-18°C Rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-22°C a few showers. More clouds than sun. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 19-26°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...