Izonyuka imali yokugibela amatekisi

2013-07-01 14:02

Durban - Abagibeli bamatekisi kungenzeka ukuthi kudingeke bangene bajule emaphaketheni njengoba kuhlongozwa eyokunyuswa kwemali yokugibela.

IKwaZulu-Natal Transport Alliance ithi kunamathuba amaningi okuthi imali yokugibela inyuke kulandela ukunyuka kukaphethiloli kwakamuva, kubika iNewswatch.

UBafana Mhlongo, wale nhlangano, uthe lokhu akusho ukuthi yonke imizila izonyusa imali yokugibela ngenxa yokuthi ososeshini basebenza ngezindlela ezingafani.

Uphethiloli uzonyuka ngo-84 cents ilitha kusukela ngoLwesithathu, udizili wona unyuke ngo-78 cents ilitha.

UMhlongo uthi abanye ososeshini sebevele bayibhungile eyokunyuswa kwemali yokugibela amatekisi.

Uthi kulezo zindawo engakanyuswa kuzona, abagibeli mabahlale belindele.

"Ukunyuka kwemali yokugibela kungase kwenzeke kabili ngonyaka, uma kwenzeka manje sekuyoze kuphinde kwenzeke ngamaholidi kaKhisimusi,” kusho uMhlongo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...