Izolashwa ngokushesha i-TB

2012-06-13 14:28

Durban - Inhlangano elwisana nesifo sofuba i-TB Alliance ithi iphezu kwemizamo yokwakha ikhambi elozosebenza ngokushesha ukwelapha isifo sofuba, kubika iNewswatch.

Inhlangano ithi izimisele ukwehlisa isikhathi esithathwayo ukwelapha ngokuphelele i-TB, sisuke ezinyangeni eziyisithupha okungenani yelashwe izinyanga ezintathu noma ezimbili.

Okhulumela inhlangano uChristo van Niekerk uthi ikhambi elisha lizoshaya libeke eceleni igciwane elinenkani ezinyangeni eziyisithupha kuphela.

Imvamisa igciwane elinenkani lelashwa izinyanga ezingu-15 noma-18.

Lokhu kuvele njengoba kuqhubeka inkomfa iSouth African TB Conference, ebanjelwe eThekwini.   

Inhlangano iWorld Health Organisation ithi iNingizimu Afrika ingeyesithathu emhlabeni kumazwe ahaqwe kakhulu yisifo sofuba.

Inkomfa izovalwa ngoLwesihlanu.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. Pta: 4-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-12°C Sunny. Cool. Bloem: 3-12°C More sun than clouds. Cool.
Dbn: 10-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...