Yengeziwe ebhekele ezithinta i-HIV

2013-02-27 16:40

Parliament  - Yengeziwe imali ezobhekela izidingo ezithinta igciwane lengculaza nesandulela sayo, onyakeni wezimali u-2013/14, kusho uNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan ngoLwesithathu.

Ngokombiko wesabelozimali, uhlelo lukamengameli waseMelika i-Emergency Plan for Aids Relief Programme, lungenise imali elinganiselwa ku-R4 billion, ukuhlangabezana neziphathelene nesifo sesandulela ngculaza nesifo sofuba.

Lesi sibalo singase sehle eminyakeni emihlanu ezayo.

Ngenxa yalesi sizathu uhulumeni wenyuse uxhaso lwakhe ngo-R100 million, onyakeni wezimali u-2014/15, kwaba ngu-R384 million ku-2015/2016.

UMnyango wezeMpilo kuzwelonke unikezwe isamba esingu-R10.9 billion, ukuhlangabezana nezidingo ze-HIV ne-Aids.

Kufakwe u-R800m, ohlelweni oluphathelene nemishanguzo yegciwane lengculaza, onyakeni wezimali u-2015/2016.

Balinganiselwa ku-1.7 million abantu bakuleli abanegciwane lengculaza, abathola imishanguzo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Strong thunderstorms. High level clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Light rain late. High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...