Izokhokhwa ngabakhokhi bentela eyengozi yesikhulu

2013-02-26 10:02

Johannesburg - Uhulumeni wase-Eastern Cape useveze ukuthi abakhokhi bentela kuzomele bakhokhe u-R171 000 wezindleko zemoto elimele kangqongqoshe uPhumulo Masualle, kusho umbiko ngoLwesibili.

IDispatch Online ibike ukuthi isikhulumi soMnyango wezokuThutha esifundazweni uNcedo Kumbaca ethi uMasualle akavumelekile ukushayela imoto kahulumeni njengoba kumele bashayelelwe abophiko olwaziwa ngokuthi yi-VIP Protection Unit.

"UMnyango wathenga lezi zimoto wazifaka amalambu aluhlaza, ngakho-ke ngenxa yezinto ezifakwe ezimotweni, ongqongqoshe abavunyelwe ukuzishayela noma ngabe kunasiphi isizathu," kusho uKumbaca etshela iDispatch Online.

"Lezi zimoto zishayelwa kuphela amalungu e-VIP, ngaso sonke isikhathi."

UMnyango kaMgcinimafa esifundazweni iwona ozonquma ukuthi ngubani okumele akhokhele umshwalense nokulimala kwemoto, usho kanje.

UMasualle waba sengozini yemoto ngoLwesine olwedlule ehamba ngemoto yoMbuso iMercedes-Benz ML.

Ngaleso sikhathi sengozi, ophethe abasebenzi bakaMasualle, uFezeka Nkomonye, uthe ungqongqoshe wayephuthuma emhlanganweni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...