Izodala uqhekeko i-Agang - Mantashe

2013-02-19 10:02

Johannesburg - Iqembu elisha lezombusazwe elethulwe ngoMsombuluko i-Agang, lingase lidale kungabi khona uzinzo kuleli laseNingizimu Afrika, kusho uNobhala Jikelele we-African National Congress uGwede Mantashe.

Abezindaba zakwa-SABC bacaphune uMantashe esho kanjena ngoMsombuluko.

"Inkinga ekhona wukuthi kunenhlese yeMelika kuyo yonke lento, ngesikhathi kuqala kuvela izindaba zaleli qembu, umsunguli walo wayeseMelika eyofuna uxhaso," kusho uMantashe.

"Okukhathazayo wukuthi le ndlela yokuxhasa, izinhloso zayo kusuke kungasikho ukusiza izwe kodwa kuwukudala uqhekeko.

URamphele usungule iqembu laqanjwa kwathiwa yi-Agang SA, okusho ukuthi Asakhe Ningizimu Afrika.

Uhlele ukuthi angenele ukhetho lukazwelonke ngonyaka ka-2014.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...