Izobhadla ejele inkosi yabaThembu

2015-10-01 11:25

Bloemfontein –INkantolo ePhakeme yokudlulisela amacala igwebe  inkosi yabaThembu  uBuyelekhaya Dalindyebo iminyaka engu-12 ibhadla ezikhindini, ngokusho kombiko.

Le nkantolo ikhiphe isigwebo ngoLwesine njengoba isinciohise ngeminyaka emithathu kwisigwebo seminyaka engu-15.

Inkosi Dalindyebo iphume phambili ecaleni lokubulala ngokungenhloso ebelihambisana neminyaka eyishumi ezikhindini.

OLUNYE UDABA: Ufuna ukubona uZuma ngokushesha onengu-110 ubudala

Ngo-2009 iNkantolo ePhakeme yase-Eastern Cape yagweba uDalindyebo iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngamacala ayisikhombisa okuthumba, amathathu okushaya, amathathu okushisa namanye okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nokubulala ngokungenhloso.

Lesi sigwebo uDalindyebo wasidlulisela phambili lesi sigwebo njengoba kuthathe cishe iminyaka emihlanu ukuqulwa enkantolo yokudlulisa amacala.

Ngesikhathi kuqhubeka leli cala inkosi yashintsha abameli amhlandla angu-11 kanti lahlehliswa amhlandla angu-34.

Ngokombiko le nkosi kulindeleke ukuthi izifikele mathupha ejele engakapheli amahora angu-48 ukuze iqale isigwebo sayo. 

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...