'Izixhwanguxhwangu' ziphazamise owe-ANCYL

2011-11-07 07:35

Pietermaritzburg - Kwale kancane ukuthi kusuke izibhelu emhlanganweni wophiko lwentsha lwe-ANC eProfessor Nyembezi Centre enkabeni yoMgungundlovu ngeSonto.

I-ANCYL esifundeni iMoses Mabhida ibize lo mhlangano, nobekukhuluma kuwo uVukani Ndlovu, nosanda kuqokwa ku-ANCYL njengomxazululi ithimbeni elijusthiwe kulesiya sifundazwe.

Leli thimba lisungulwe ngenyanga eyedlule emuva kokuthi ubuholi be-ANCYL kuzwelonke buhlakaze obaKwaZulu-Natal.

Kubikwa ukuthi uthe lo mhlangano usephakathi, kwakhona abavuka ulaka babhoka, njengoba abanye begcine ngokuwuduba lo mhlangano.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 6-19°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-19°C Showers early. Morning clouds. Cool. PE: 10-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...