Izithandani kwelokubulala iphoyisa
2013-01-29 10:03
Cape Town - Izithandani ezisolwa ngokutitinya nokushumpula ikhanda iphoyisa eKapa, zizovela eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, kusho umbiko ngoLwesibili.
Iphephandaba iDaily Voice libike ukuthi uBarnabas Sentiwe nentombi yakhe uPhumla Veli bavele eNkantolo yeMantshi yaseBlue Downs ngoMsombuluko, mayelana nokubulala uConstable Monwabisi Mnyombolo ngo-Okthoba 2009.
Ngokwaleli phephandaba, iMantshi uDeon van der
Spuy ulidlulisele enkantolo enkulu leli cala, nalapho lizothethwa khona ngoFebhuwari 22.
UVeli unqabile ukubhalisela isicelo sebheyili wathi wenzela ukungabambezeli inkantolo.
Yena noSentiwe basolwa ngokubulala iphoyisa, 29, emzini wabo eMfuleni balingcwaba emuva kwendlu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA