Iziqumama zibuzwa kuleli
2012-11-22 15:00
Johannesburg - Abantu abayishumi nambili kwabangu-40 abayiziqumama ezihlonishwayo emazweni ase-Africa, bangabaseNingizimu Afrika.
Umbiko wephephandaba iForbes, uveze abantu abangu-40 abacebe kakhulu e-Afrika, umcebo walaba uhlanganisiwe wenza u-$72.9-billion (R652.6 billion), ukhule ngo-12% kusukela ngonyaka owedlule.
Umbiko weForbes uthi omdala kunazo zonke lezi zicebi uneminyaka engu-63 ubudala.
UNicky Oppenheimer ube ngowesibili ohlwini, uJohann Rupert waba ngowesithathu, uChristoffel Wiese waba ngowesithupha kwathi uPatrice Motsepe waba ngowesishiyagalombili, zonke lezi zinjinga ngezaseNingizimu Afrika.
UDesmond Sacco noStephen Saad babe sohlwini lwabangu -20 abaphezulu, uCyril
Ramaphosa, Lauritz Dippenaar noRaymond Ackerman baba sohlwini lwabangu-30 abaphezulu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).