Izinyunyana aziyivumi eyohlelo lokumisa iziteleka

2013-02-04 14:04
Yabelani Shicilela

Durban - Kulindeleke ukuthi i-African National Congress ibeke obala uhlelo ekuhloswe ngalo ukuqinisa ezemfundo, kulandela izinqumo ezathathwa kwiLekgotla yeqembu, kubika iThe Mercury.

Uhlelo lolu kuthiwa luthukuthelise izinyunyana zothisha.

Iphephandaba iSunday Times libike lathi lizwe ngemithombo yalo eyayihambele i-lekgotla yangoLwesine kuya kuMgqibelo, ethi i-ANC izoqhubeka nalolu hlelo.

UMengameli uJacob Zuma, wacashunwa ekhuluma maphakathi nenyanga kaJanuwari, ethi kumele ukufundisa kwenziwe umkhakha oyisipesheli, okusho ukuthi othisha angeke bakwazi ukubamba iziteleka babeke engcupheni imfundo.

UNobhaka Jikelele weSadtu uMugwena Maluleke uthi ukuteleka kothisha kufana neconsana nje emfuleni omkhulu wezinkinga ezibhekene nomkhakha wezemfundo.

“Akusilo ikhambi lokhu. Kuliwa kuphela neziteleka, akubhekwa ezinye izinkinga.”

UMaluleke uthi uhulumeni kumele azame ukwelekelela izikole kunokuthi aqhamuke nalesi sinyathelo sokuvimba othisha ekutheni bateleke.

"Kumele kubhekwe inkinga yezingqalasizinda, kubhekwe indaba yabafundi abaphuma emakhaya angekho esimweni kanjalo nokuqeqeshwa kothisha," kusho uMaluleke.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...