Izinsolo zokuhlukunyezwa kwamasosha asafunda

2013-02-04 10:01

Johannesburg - Sekuqubuke izinsolo ezithi kunokuhlukumeza okukhulu okuqhubeka e-Oudtshoorn Infantry School, kwathi umama womunye wabafundi wabhalela abakwaSA National Defence Force Union (Sandu), ebazisa ngalokhu.

Umbiko okhishwe yiphephandaba iBeeld uthi incwadi ebhalelwe inyunyana ngumama womunye wamasosha esifazane, uthi amasosha esifazane ashiswa ngogwayi aphinde akhahlelwe.

Inyunyana ithi isola ukuthi amasosha ahlukunyezelwa ukuthi asuke esekhulelwe, nokho ithi izophenya ngalezi zinsolo.

Umbiko uqhubeka uthi amasosha ayanqatshelwa ukuthi acele usizo lwanoma yiluphi uhlobo, kuthiwa anikwa usizo lokuhlela umndeni kuphela.

Omunye wabazali ongafunanga ukudalulwa igama, uthi evakashele kulesi sikole, wafica umfundi wesilisa eshiswe ngogwayi ebusweni.

Okhulumela iSandu uPikkie Greeff, uthi okwamanje bebengakatholi mpendulo evela kwabombutho mayelana nencwadi lena.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...