Izinkampani zezindaba nesicelo kuMogoeng

2013-01-09 11:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Izikhondlakhondla zezinkampani zezindaba sezicele iNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng, ukuthi azinike imvume yokukwazi ukwethamela isicelo esedluliselwe kwabeRefugees Appeal Board, mayelana nesicelo sikasomabhizinsi waseCzech, ongundaba mlonyeni uRadovan Krejcir, kusho umbiko wephephandaba iBeeld.

Izinkampani lezi zihlanganisa iMedia24, Mail & Guardian Media ne-Independent Newspapers.

UKrejcir watholakala enamacala ePrague, ngo-2012, amacala ahlanganisa elokuthumba nokusebenzisa budedengu imali elinganisela ku-R227 million.

Isicelo sikaKrejcir sokuthi abhace kuleli laseNingizimu Africa, sachithwa wase edlulisa icala.

Izinkampani zezindaba zifake isicelo sokwethamela ukwedluliswa kwecala njengoba umthetho ngaphansi kweRefugees Act, unqaba ukuthi kwethanyelwe ukwedluliswa kwalolu hlobo lwamacala,

Okhulumele lezi zinkampani uDario Milo, uthe kumele iNkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi kungavinjwa ukulalelwa kwamacala ezakhamizi eziyizifika
namthwalo.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...