Izingane zibulawe umbani eKZN
2013-01-10 09:02
Durban - Izingane ezintathu zilele kobandayo ngemuva kokushaywa wumbani ngoLwesithathu ebusuku, esehlakalweni esenzeke KwaChezu, eNkandla, enhla nesifundazwe, kusho izikhulu.
"Izelamani zakwaDlamini ezineminyaka yobudala engu-13 no-14 nomunye wakwaZwane, bafe ujuqu ngesikhathi beshaywa ngumbani besesitolo sendawo," kusho okhulumela uMnyango wezokuBambisana noHulumeni esifundazweni uLennox Mabaso.
Ukushona kwalezi zingane kwenyuse isibalo sabantu ababulawe ngumphezulu esifundazweni, safinyelela ku-10.
Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe woMnyango uNomusa Dube, avakashele imindeni yezingane.
"Izehlakalo zabantu ababulawa yizulu elingelihle, ziya ngokuya zikhula futhi ziba zimbi kakakhulu. Lokhu kuyimbangela yokuguquguquka kwesimo sezulu."
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).