Izingane sezingajola ngokukhululeka - Ijaji

2013-01-16 10:01

Pretoria - Akusasilo icala ukuthi izingane eziseminyakeni yobudala ephakathi kuka-12 no-16, zingazitika ngezinto ezifana nokuqabulana, ukupotozana nocansi, kusho ijaji eNkantolo eNkulu ePitoli.

Ujaji uPierre Rabie ukhiphe lesi sinqumo kulandela isicelo esafakwa enkantolo ngenyanga ka-Ephreli, sifakwa ngabakwaTeddy Bear Clinic for Abused Children besekwa ngabeCentre for Child Law, bekhalaza ngezigaba ezithile ngaphansi kweSexual Offences Act.

Umbiko wePretoria News uthi izinhlangano lezi bezikhala ngokuthi umthetho uholela ekutheni amantombazane amaningi akhulelwe futhi angayi emitholampilo futhi angazihushuli izisu noma ethanda, ngoba esaba ukuthi azothathelwa izinyathelo zomthetho.

Izinhlangano bezifuna inkantolo ikhiphe izigaba ezithile kulo mthetho, zithi umthetho uthunaza isithunzi sezingane.

Isicelo besiphikiswa nguNgqongqoshe woMnyango wezokuVikela kanye neHhovisi likaMqondisi wokuShushiswa koMphakathi.

UMnyango wezobuLungiswa ukhale ngokuthi lesi sinqumo sizokhuthaza ukukhulelwa kwezingane ezingaphansi kweminyaka engu-16 ubudala.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C High level clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 13-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...