'Izincwasimende' zigebenge isitolo

2012-07-16 08:04

Durban - Isitolo esidayisa ukudla nezimpahla zasendlini sigetshengwe ngamadoda amane angaziwa, nabonakale emakhamereni ezitapela imali esitolo sakwa-OK oseHayfields kuFoxon Road.

Imenenja yalesi sitolo uZahira Cassim uthe amadoda amane abegqoke kahle angene kulesi sitolo ezenza abathengi.

Abe esikhipha izibhamu ayalela abasebenzi ukuba balale phansi.

“Abebukeka sengathi aya esontweni, ngakho asisolanga lutho. Athe uma esekhipha izibhamu saqala sasaba. Athathe imali, ugwayi namakhompyutha amathathu ase eyahamba ngaphandle kokulimaza muntu," kusho uCassim.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...