Izikhulu zoKlebe ziphika elokubulala

2013-02-25 14:04

Cape Town - Izikhulu zoKlebe ezintathu kwezingu-13 ziwaphikile amacala ahlobene nokushona komuntu eboshiwe, eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoMsombuluko.

UMbuso ufunde incazelo yokuphika amacala kukaGeorge Ainslie, Mphathi Velani noRiaan Kielblock, nalapho bephika khona amacala abalelwa ku-11.

La macala ahlobene, phakathi kwezinye izinto, nokuthunjwa kubulawe uSidwell Mkwambi, 24, waseNew Crossroads, nokusolakala ukuthi wajeziswa ngokushaya waze washona ngo-2009.

Abashushisi bawahoxisa amacala amabili okweba.

Ngesonto eledlule, uThobezi Jam Jam nalezi ezinye izikhulu bawaphika amacala.

Kulindeleke ukuthi kubizwe ufakazi wokuqala ozobalahla ngecala ngoMsombuluko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 19-31°C Tstorms early. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 16-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 17-24°C Passing showers. More clouds than sun. Mild.
Dbn: 22-30°C Tstorms late. More clouds than sun. Warm. PE: 20-26°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...