Izikhukhula zibulale 8 eThekwini
2011-11-28 12:34
Durban - Isiphepho ebesinamandla sibulale abantu abayisishiyagalombili eThekwini naseMgungundlovu ngeSonto ebusuku, sacekela phansi inqwaba yezindlu.
Lesi simo sezulu esibi, esihlasele iTheku sekusele amahora nje kuvulwe ingqungquthela yokushintsha kwesimo sezulu ye-UN, sidale izikhukhula sacekela phansi okuningi.
Ukufa kwabantu kwangeSonto kubeke isibalo kwabangu-13 sababulawe yizikhukhula KwaZulul-Natal esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili.
Ngesonto eledlule, kwashona abantu abayisihlanu kulesiya sifundazwe ngenxa yezimvula ezinamandla.
Okhulumela uMnyango woHulumeni beziNdawo KwaZulu-Natal, uMthatheni Mabaso, uthe abashonile ngabaseMlazi naseClermont.
"Sitshelwe ukuthi bashone ngesikhathi bewelwa yizindlu. Sithole nombiko wokuthi zingu-100 izindlu ezicekeleke phansi eSiphingo," esho ngoMsombuluko.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA