Izikhali kwakungezokuzivikela eMarikana

2013-02-21 14:02

Johannesburg - Ababhikishi baseMarikana babephethe izikhathi ngenhloso yokuzivikela, ngemuva kokuzwa ukuthi abalandeli be-NUM sebebulale abavukuzi ababili, kutshelwe ikhomishaha kaFarlam ngoLwesine.

USiphete Phatsha, ongumvukuzi owalimala ngo-Agasti 16, uthe wayephethe ihawu, induku yensimbi kanye nesagila ngemuva kokuzwa la mahlebezi, okwathi ngokuhamba kwesikhathi achithwa.

"Ngangifuna ukukusebenzisela ukuzivikela uma iNational Union of Mineworkers (NUM) ifika izosihlasela njengaphambilini,” usho kanje ngomlomo katolika.

NgoLwesithathu ngesikhathi ethula ubufakazi uthe wayephethe kuphela induku ngo-Agasti 10 no-11.

Ngesonto eledlule, umvukizi waseLonmin uVusimuzi Mandla Mabuyakhulu ngesikjhathi ethula ubufakazi wathi washaywa wadutshulwa emashini eyayibheke emahhovisi e-NUM aseLonmin Platinum eMarikana ngo-Agasti 11.

UTerry Motau, omele iLonmin, ubuze uPhatsha ukuthi batshelwa ngubani ukuthi abaphathe izikhali.

Uphendule wathi akekho owabayalela lokho, kodwa bazinqumela ngokwabo ukuthi kumele baziphathe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...