Izigelekeqe zibonge izisulu zazo
2012-08-22 12:02
Bloemfontein – Abaphangi abangenele umndeni waseFree State ngempelasonto bawubonge kakhulu lo mndeni ngokusebenzisana nabo kahle emsebenzini wabo ngaphambi kokuba bashaye bachithe nemali, amaselula, ubucwebe kanye nemoto.
IVolksblad ibike ukuthi abaphangi ngempelasonto babophe uGerhard Karsten, 38, unkosikazi wakhe uZurina, 36, indodana yabo u-Adriaan, 11, kanye nesisebenzi sabo sasepulazini, uShadrack Louw.
Izingane okunguThian, 2, noMia, 1, bona bazivalele endlini kanye nabo.
Abaphangi bathe umndeni kumele ukuqonde ukuthi nabo yindlela yabo le yokuthola imali, njengoba nawo uthola imali ngepulazi.
Abaphangi bafune imali engu-R165 000 ebisendlini ebiyenziwe uKarsten ngokudayisa iziklabhu.
Unkosikazi kaKarsten uchaze ngendlela abaphangi abababophe ngayo: “Basitshele ukuthi bazophanga. Ngeke basilimaze uma sizokwenza abakushoyo.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA