Izigebengu zilimaze iphoyisa eKZN

2013-02-11 12:02

Durban - Iphoyisa ebelingekho emsebenzini lidutshulwe lalimala ePinetown ngeSonto ngesikhathi lilwisana nabalisa abebehlomile abebezama ukuduna izimoto, kubika iThe Mercury.

Isigameko senzeke ngaphansi kwebhuloho ku-Stapleton Road, ngaku-M13, ngezithuba zabo -14:00.

Durban - Okhulumela amaphoyisa uColonel Vincent Mdunge uthe iphoyisa, elisebenzela eMariannhill, kukholakala ukuthi ngesikhathi lisendleleni elibhekise ekhaya, libone abalisa abayisithupha kuya kwabayisishagalombili, behlomile ngezibhamu ze-R5 neAK-47,  bengunge izimoto ezimbili ebezilandelana.

UMdunge uthe abashayeli bekungabanikazi bezitolo. Amaphoyisa akholelwa ukuthi izigebengu zibalendele kusukela lapho besebenzela khona.

Iphoyisa lingenelelile kwadutshulwana.

Lona lidubuleke emlenzeni kanti izigebengu ezimbili nazo zidubulekile zalimala. Esisodwa sishonele khona lapho. Kanti ezinye zibaleke ngama-BMW amabili.

Uthe abezimo eziphuthumayo bafike iphoyisa elilimeli lisalokhu lihamba lithungatha.

Balihlengele khona lapho badambisa izinhlungu, labe seliyiswa esibhedlela iHillcrest Private Hospital. Okuthe ngokuhamba kwesikhathi laphuma esibhedlela.

Isigebengu esilimele siboshwe ehostela e-KK, KwaDabeka. Kanti ngeSonto besisasesibhedlela, kubonwa ngokusa kusona.

Izimoto ezisetshenzisiwe kulesi sehlakalao kubikwe ukuthi zebiwe, kusho umthombo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...