Izigebengu zesifazane zidake unogada

2013-02-21 12:02

Johannesburg - Abesifazane ababili baphazamise unogada wasesitolo esikhulu ePotchefstroom ngokuthi bamxoxise cishe nangokuthi bamphuzise isiphuzo esinesidakamizwa, ngaphambi kokuba baphange esitolo besebenzisana nabalisa ababili, kubike iBeeld ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa aseNorth West uCaptain Adele Myburgh uthe isehlakalo sokuphanga, esenzeke eSpar eBaillie Park, senzeke ngoLwesibili ebusuku ngemuva kwesikhathi sokuvala.

"Abesifazane ababili bacele kunogada ukusebenzisa indlu yangasese. Ngemuva kwalokho bamxoxisile baze bamupha nesiphuzo.”

Unogada kubikwa ukuthi ube eseqala ukuzizwa enesiyezi ngokuhamba kwesikhathi, utshele amaphoyisa ukuthi kube sekufika abesilisa ababili beze kulaba besifazane.

Bambophile unogada bamshaya ekhanda, ngemuva kwalokhu waquleka.

"Izigebengu zibe sezingena ngaphakathi zathatha isamba semali esingadalulwanga. Abaphathi besitolo basabheka ukuthi akukho yini okunye okwebiwe,” kusho uMyburgh.

Unogada uze wabonwa uzakwabo ofike ekuseni, ngoba sekuzongena yena. Akukaboshwa muntu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UTutu ufuna kwesekwe ababhikishi

Emizuzwini eyi-21 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-19°C Showery. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...